Uku sebenza komthetho wokuphathwa kwezimali Zomphakathi..
B. Uhulumeni wesifunda sase Gauteng usedalule ukuthi kunesidingo sokuba kubenecebo elilekelela amabhizinisi amancane elihamba ngaphezu kwezinhlelo ezikhona zika hulumeni nezikhungo zezimali lize lixhase amabhizinisi amancane ngezezimali nokunye nje.
Ibhodi'' lisho ibhodi leGEP esungulwe ngokomthetho wesiqephu sesikhombisa.
Umnyango'' usho uMnyango oqondene nezindaba zohwebo esifundazweni.
Umphathi woMnyango'' usho umphathi woMnyango oqondene nezindaba zohwebo kule Phrovinsi.
Isishayamthetho'' kusho isishayamthetho sePhrovinsi.
MEC'' kusho ilunga lesigungu sekhansela elibhekene nezindaba zohwebo kule Phrovinsi.
Okunqunyiwe'' kusho okunqunywe ngokomthetho.
Isifunda'' kusho isifunda sase-Gauteng.
Umthetho wokuphathwa kwezimali zomphakathi''kusho umthetho wokuphathwa kwezimali zomphakathi, 1 ka 1999.
Lo mthetho ufaka ishedulu kanye neminye imithetho emisiwe ehambelana nalo mthetho.
Ukusebenza komthetho wokuphathwa kwezimali zomphakathi.
Ezimali njengoba ibekwe esiqeshini 492 a womthetho wokuphathwa kwezimali, b U-MEC yisigungu somkhandlu njengoba Kubekiwe esiqeshini samashumi amahlanu nambili somthetho wokuphathwa kwezimali c Noma ngabe yini okwenziwa yiBhodi mayelana nomthetho wokuphathwa kwezimali zomthetho kumele kuhambisana nalokho okukusiqephu samashumi amahlanu nesithupha salowo mthetho.
Akukho okukulo mthetho okunamandla okususa imithetho emiselwe i-GEP imiswe umthetho wokuphathwa kwezimali zomphakathi.
d Ukuqalwa nokuqhubekiswa kochungechunge lokulekelela ukuze kukhule iqhaza elibanjwa amabhizinisi amancane emnothweni wase-Gauteng.
e Ukuqhubekisana ukukhula komnotho, ukuvulwa kwamathuba emisebenzi kanye nokulingana.
f Ukuhlanganisa bonke abasebenzi abalekelela amabhizinisi amancane asizwa nguHulumeni ngezezimali e-Gauteng.
g Ukuqinisa umthamo walabo abanikeza amabhizinisi amancane usizo.
a Ukunika izindlela zokulekelela osomabhizinisi kungengemali kanye, kodwa kungagcini kulokhu kuphela.
Usizo lokubhalwa kwamabhizinisi ezimali nezomthetho.
Ukuqeqeshwa kumakhono ekhompuyutha kanye namanye nje amakhono.
v Ukukwazi ukuthola ulwazi kuHulumeni nezinkuthazo.
Iseluleko ngezohwebo ezingenayo neziphumayo.
Iseluleko ngobudlelwano babamelweyo, ezokuthengisa nokucwaninga.
b Ukunika izindlela zokulekelela osomabhizinisi ngezimali kanye, kodwa kungangcini kulokhu kuphela.
i Ngokwesiqephu sesine , banikeza iziqiniseko.
Ukunikezwa futhi kwezimali zezikweletu.
c Ukuhlanganisa izindlela zokulekelela abanikeza ngosizo nabanye abathintekayo kulokhu.
d Ukunikeza ngendawo eyodwa yokulekelela osomabhizinisi.
Izolekelela ukukhulisa ukumisa kwayo, ukuqhubekisa nokuthuthukisa izikhungo zokweluleka omabhizinisi amancane.
Ukuqala izindlela ezizolandelwa ukuthuthukisa amabhizinisi amancane.
Ukwenza izinhlelo kwiPhrovinsi, ezweni lethu nasemazweni angaphandle ukuze kuheheke abafuna ukulekelela ukuthuthukisa amabhizinisi amancane kule Phrovinsi.
Ukuthuthukisa izindlela zokubambisana kwamabhizinisi kanye nezinye izindlela zokusebenzisana nezinhlangano zomphakathi kanye nezinye izinhlangano kule Phrovinsi, kwiRiphabliliki nakwamanye amazwe.
Ukuhlanganisa, ukwelekelela nokuthintana nezinhlanga nezikhungo ezifuna ukugqugquzela nokuthuthukisa amabhizinisi amancane kule Phrovinsi nasezweni leli lonkana.
Ukubamba iqhaza ezinhlanganweni ezithuthukisa futhi zibhebhethekisa amabhizinisi amancane.
Ukunikezela ngezimali kumaphrojekithi athuthukisa amabhizinisi amancane kule Phrovinsi.
a Ukwakhiwa kwamabhizinisi azoma futhi aqhudelanayo, b Ukukhushulwa kosomabhizinisi.
c Ukwenziwa kwendawo elungele ukusebenzela amabhizinisi amancane.
d Ukufinyelela kalula kwamabhizinisi amancane osizweni lwezimali nolunye nje, izinto zokuzithuthukisa, nakulokho abakusebenzisayo nabasenza ngakho.
e Ukufinyelela kalula kwamabhizinisi amancane kuleli nakwamanye amazwe.
Ukuthuthukisa, ukuhlanganisa nokugqugquzela ukuthi Uhulumeni wasekhaya, izinhlangano zangasese nabanye abathintekayo baphathisane ukuze i-GEP izuze izinjongo zayo.
Ukuhola nokuhlanganisa ucwaningo oluphathelene nezinhlelo zokulekelela amabhizinisi amancane.
Ukuthuthukisa ulwazi lomphakathi mayelana nesandla esifakwa amabhizinisi amancane ekukhuliseni umnotho wasekhaya ekusungulweni kwemisebenzi kanye nasenhlalakahleni nje yonkana.
Ukuqala izakhiwo zasekhaya nezesifunda ukuze izinjongo zayo zigcwaliseke ngokuyikho.
Ukwenza neminye imithetho ehambisana nalo mthetho.
Umthetho sisekelo we Bhodi kanye nokuqashwa kwamalungu.
Ngaphambi kokuqasha amalungu eBhodi, U-MEC kumele ameme ngezokuxhumana nangezaziso kwiGazethi yePhrovinsi, iziphakamiso zabafanele ukuqashwa.
a Imele ingxenye enkulu yenani labantu base-Gauteng ibheke kakhulu uhlanga, ubulili, ukukhubazeka, ukusabalala kwezomumo wezwe nezinhlangano ezindaweni zasemabhizinisi.
Uphahla lwezomthetho olukhona kumabhizinisi amancane.
U-MEC angabeka noma ngabe yiziphi izindlela ezingalandelwa ukuqasha amalungu.
U-CEO uyilingu leBhodi ngenxa yesikhundla asiphethe.
Wonke amalungu eBhodi, ngaphandle kwe-CEO baqashwe ngesikhathi esiyingxenye.
a Ilungu leBhodi njengomphathisihlalo.
b Nelinye ilungu njengesekela likamphathisihlalo ukuze abe umphathisihlalo weBhodi uma ngabe umphathisihlalo engakwazi ukwenza lowo msebenzi.
b Eyilungu lephalamende, isishayamthetho sePhrovinsi, ikhansela likaMasipala noma umphathi wabaholi bendabuko esungulwe ngokomthetho wezwe.
c Eshonile engeke ahlengeke.
d Enengqondo engasebenzi kahle noma kunencwadi yomthetho eshoyo ukuthi lo muntu ugula ngengqondo noma uhlangahlangene.
f Eke wasuswa esikhundleni ngenxa yokungaziphathi kahle.
g Eke wakhishwa eBhodini ngenxa yokweqa izimiso zalo mthetho.
Ilungu leBhodi kumele lehle esikhundleni uma lelo lungu lenze okunye kwalokhu okushiwo kwisiqeshana sokuqala.
a Ngenxa yokungaziphathi kahle, ukungabi nolwazi nokungasebenzi kahle.
b Ngenxa yokuhluleka ukulandela isiqephu 8 2 noma 151.
c Uma ilungu lihluleka akubakhona emhlanganweni weBhodi izikhathi ezilandelanayo ngaphandle kwesizathu esinqala, d Nangesinye nje isizathu esizwakalayo.
angayichitha iBhodi emva kokuba eseyinike ithuba lokuthi ichaze izingqinamba zayo.
Isikhathi okumelwe sihlalwe amalungu eBhodi esikhundleni.
a Lingaba sesikhundleni iminyaka emithathu, b Lingabasebenza ngaphansi kwemilawu ebekwe ngu-MEC nale ebhalwe encwadini ilungu eliqashwe ngayo.
Uma ilungu lixoshwa noma lishiya esikhundleni, u-MEC angaqasha omunye umuntu esikhundleni salowo kuze kuphele isikhathi esibekiwe noma kuze kube yisikhathi esibekwe u-MEC ngokwesiqeshana.
Ngokuya kwesiqephu 8, umuntu angaqashwa futhi noma isikhathi sakhe sokuba sesikhundleni sesiphephile uma ngabe engeke aqashwe izigamu ezimbili zilandelana.
U- MEC kumele anqume ukuthi amalungu eBhodi azohola malini.
Ukusebenzela iBhodi kodwa bangakhaliswa nje ngezindleko abangene kuzo ngenkathi besebenza ngokuya kwalo mthetho.
c Isebenza ngendlela engafihli lutho - ebonakalisa ngale.
U - MEC angatshela iBhodi ukuthi kumele yenzeni noma kungahambisani ncamashi nalo mthetho.
a Ingenza futhi ivikele izinto ezenzayo ezihambelana nomsebenzi wayo, b Ukuthola ilungelo lokuba nempahla ku - MEC uma ngabe leyo mpahla kungeyona enganyakaziseka c Ukwenza imithetho esemthethweni ehambelana nabantu nje noma labo abangaphansi kombuso.
d Ukuvuma ukwenza izivumelwano, zokwelekelela ngezimali, nezikhungo zezimali kanye nezinye nje izikhungo ezinezinjongo ezifana nalezo ze - GEP.
a esinamalungu amabili noma ngaphezulu b ophethe isigungu sePhrovinsi oyilungu elingenamalungelo okuvota lesigungu.
a sinamandla okwenza yonke imisebenzi yeBhodi emhlanganweni yayo iBhodi.
Isinqumo esenziwa yisigungu singanenezelwa yibhodi emhlanganweni olandelayo.
IBhodi ingakhetha ikomidi elilodwa noma abe maningana azohlolisisa izindaba ezilethwe kuyo bese libika futhi kuyo iBhodi.
Uma ngabe ikomiti linamalungu angaphezu kwelilodwa, iBhodi kumele iqoke elinye ilungu leBhodi njengosihlalo waleli komiti.
Ilungu lekomiti elingelona ilungu leBhodi kumele liholelwe ngemali ye Bhodi. Lokhu kungenzeka emva kokubonisana ne - MEC.
Uma ngabe umsebenzi wenziwe umuntu othunywe yiBhodi, lowo msebenzi kufana nokuthi wenziwe yiyo qobo iBhodi.
Ibhodi ingasebenzisa abantu abonolwazi olunjulu ukuba babasize ukwenza imisebenzi yabo.
a Ibeke imigomo mayelana nesimo sokusebenza kanye nemiholo yabantu abaqashwe ngokwesiqephu 1, babeke futhi nemisebenzi ezokwenziwa yilaba bantu.
ingayibuyisela kulo muntu oyibhalile ukuze abheke ukuthi iBhodi ithini.
a kumele aveze obala zonke izingxabano ezikhona nezingabakhona.
b Awavunyelwe ukuvota nokubamdibi munye nalokho okwenziwa eBhodini uma ngabe ethinteka ezingxabanweni c Kumele alandele izinqumo zeBhodi zokuthi kumele na badlale indawo kulokho okwenziwa eBhodini.
b Ilungu lenza ezinye izinto ezenza ukuthi ilungu lingasebenzi kahle nangendlela eqotho.
Yisiphi isinqumo seBhodi esithathwe ngokwesiqeshana 1(c) kumele sibekhona kumaminithi eBhodi abhalwe phansi.
Ibhodi kumele okungenani ibambe imihlangano emine ngonyaka.
a Angamema umhlangano oyisipesheli weBhodi, b Angamema umhlangano oyisipesheli kungakapheli izinsuku eziyishumi nane emva kokwamukela isicelo esibhalwe phansi sokuwumema, sisayinwe u - one third wamalungu eBhodi.
U - MEC angacela ukubamba umhlangano ne Bhodi nanoma ngasiphi isikhathi uma kunesidingo.
Uma ngabe usihlalo nesekela likasihlalo bengekho, amalungu akhona angaqoka elinye ilungu ukuba ahole umhlangano.
Uma ngabe iningi lamalungu ekhona emhlanganweni lenza kube nekhoramu.
Isinqumo esithathwe iningi lamalungu abekhona emhlanganweni siyingxenye yesinqumo seBhodi, ukuze amavoti alingane, usihlalo uyovota futhi emva kokuba esevotile.
a Ukuqashwa kwelungu ngokungemthetho, b Isikhala esikhona eBhodini, c Ngesizathu sokuthi bekukhona umuntu obekungafanelanga abekhona emhlanganweni ngenkathi kuthathwa isinqumo.
Ibhodi iyona ezobeka imithetho ezolandelwa emihlanganweni.
a kubhalwe phansi futhi kubekwe kahle, b kulethwe emhlanganweni olandelayo we Bhodi lapho kuzobhekwa khona, uma kuvunyelwana ngakho bese kusayinwa usihlalo.
a Ingavumela amalungu angafaka isandla emhlanganweni ngocingo, ithelevishini evalekile nangezinye izindlela zokuxhumana. Leli lungu lithathwa njengelikhona emhlanganweni, b Lingamema umuntu ukuba abekhona emhlanganweni ukuze azocebisa noma azotshela iBhodi okuthile.
Ibhodi ingathatha isinqumo kungekho emhlanganweni uma iningi lamalungu ekhombisa ukuthi ayahambisana nalesi sinqumo ngokuya kwemithetho eyenziwe yiBhodi.
U - MEC emva kokubonisana ne Bhodi kumele aqashe Isikhulu Esiyinhloko (Ophethe isigungu)(CEO).
a iminyaka engadluli kwemithathu futhi ongaqasheka futhi, b ngokuya kwemithetho nesikhathi esibekwe U MEC emva kokubonisana neBhodi.
Isikhulu EsiyinhlokoOphethe isigungu akumelanga athathe umsebenzi omholelayo ongahambelani nowesikhundla sakhe engakatholi imvume kwiBhodi.
Isikhulu Esiyinhloko angashiya esikhundleni ngokubhalela u-MEC.
Uma Isikhulu Esiyinhloko Ophethe isigungu eshiya isikhundla sakhe kusho ukuthi akaselona ilungu leBhodi noma ilungu lesinye nje isigungu lapho ebemele khona i-GEP.
U-MEC noIsikhulu Esiyinhloko nophethe isigungu kumele bavumelana ngesivumelwano sokuqashwa kophethe isigungu okumele sididiyele izimo zesiqephu 57 womthetho wokuphatha kwezimali zomphakathi.
a Singakapheli isikhathi eside emva kokuqashwa kuka CEO, b Emva kwalokho kumele kwenzeke njalo ngonyaka ingakapheli inyanga unyaka wezimali uqalile.
a Izinjongo zokukala imiphumela nesikhathi okumele zifezeke ngaso.
b Izinga nezindlela zokuhlola imiphumela yokusebenza nokuhlukana kwesikhathi sokuhlolwa, c Imiphumela yezinga lomphumela wokusebenza.
Okuvimbela ukuthi Ophethe isigungu (CEO) ahlale esikhundleni nokuxoshwa kwakhe.
uma lowo muntu engavunyelwe ukuba ilungu leBhodi ngokuya kwesiqephu 8.
U-CEO kumele ehle esikhundleni uma engahambiseni nesiqephu 8 1.
U-MEC angasusa Isikhulu Esiyinhloko u-CEO esikhundleni emva kokuzwa uvo lwakhe futhi esebonisene neBhodi nezizathu zokumxosha zizwakala.
a Ukwenza izivumelwano, b Ukubamba imihlangano yokubonisana nabathintekayo kanye nabamele isifunda ukuze kuxoxiswane ngokwenziwa yi-GEP, kanye ngonyaka.
Abantu abayiswe kwi-GEP benza imisebenzi yabo belandela lokho abakutshelwe ophethe isigungu.
IBhodi emva kokubonisana no-MEC kumele inqume ukuhti amalungu abasebenzi bazohola malini, bazotholani nokuthi bazosebenza ngaphansi kwaziphi izimo.
I-GEP ingenza isivumelwano nabanye abantu ukuthi bazokwenza umsebenzi othile kuphela.
a Noma yimuphi umuntu onolwazi nesipiliyoni esifanele ongaphansi kophethe isigungu, bNoma yimuphi umuntu emva kokubonisana neBhodi.
a Kungaba memigomo nemisalela ethile ebekwe ophethe isigungu.
b Akuvimbeli ukuba imisebenzi leyo yenziwe ophethe isigungu.
c Ingasuswa noma yanenezelwa ophethe isigungu.
Ukwambulwa kwalokho okuthandwa ophethe isigungu nalokho angakuthandi.
Isikhulu Esiyinhloko Ophethe isigungu kumele ambulele ibhodi lokho akuthandayo nalokho angakuthanda, lokho yena noma owelungu lomndeni wakhe, abambisene naye kumabhizinisi, obemqashile anakho kwibhisinisi okungasiza ekusebenzeni kwe-GEP.
Ophethe isigungu Isikhulu Esiyonhloko kumele adlulisele kwiBhodi izindaba zonke okumele athathe isinqumo noma lezo okukhona ukungezawni ngazo njengokukwesiqeshana.
Ibhodi kumele ithathe isinqumo ngendaba ebekwe ngokukwesiqeshana 2 futhi kumele yazise ophethe isigungu ngencwadi ngekunqumile.
Ophethe isigungu kumele ahambisane nalokho okunqunywe yiBhodi ngokukwesiqeshana.
Ukuhluleka kophethe isigungu ukwambulwa lokho akuthandayo ngokwesiqeshana 2 noma 4 kunikeza isizathu esinzulu sokuthi ophethe isigungu axoshwe esikhundleni ngokuya kwesiqephu 213.
I-GEP kumele yenze futhi iyise ibhajethi ku-MEC ekhombisa ukuthi imali engenayo bazoyitholaphi nokuthi izosebenza kanjani kulowo nyaka wokusebenza kwezimali.
Yonke imali engenayo kumelwe ifakwe kule- akhawunti eshiwo esiqeshini.
a Ngokuya komthetho wokulondoloza imali obekwe kwisiqephu 74 womthetho wokuphathwa kwezimali zomphakathi, b Ngokuya ngendlela engavunyelwa ngu-MEC.
I-GEP angeke ikwazi ukubhajethela imali engaphezu kwalena engenayo noma engaphezu kwale ezosebenza.
Ekupheleni konyaka wokusebenza kwezimali, noma iyiphi imali engasebenziswanga ngokwesiqeshana 3 noma elondoloziwe ngokwesiqeshana 4 kumelwe ifakwe esikhwameni sePhrovinsi.
I-GEP ingaboleka imali encane ngokukhipha ngokweqile ebhange ngokuya kwesiqeshana 3 ukuze bahlangabezane nezinkinga zemali ezingaqhamuka.
Unyaka nonyaka i-GEP kumele inikeze u-MEC icebo layo eyizolisebenzisa ukuphatha kulowo nyaka wokusebenza kwezimali kanye neminyaka emibili elandelayo nanoma yisiphi esinye isikhathi ngokuya komthetho wokuphatha kwezimali zomphakathi.
a Izinto ezibaluleke kakhulu kwi-GEP kuleyo minyaka yokusebenza kwezimali okukhulunywa ngayo, b Izinjongo kanye nemiphumela ebekwe ngu-MEC, c Inhloso eyingxubevane yonyaka yemali engenayo nephumayo.
d Izikomba - mpumelelo ezibalulekile ezihlola impumelelo ye-GEP ekufezeni lezo zinjongo nasekutholeni impumelelo efanele.
e Icelo lokusebenza, icebo lezezimali necebo lokuphatha ezempumelelo, f Isiseko sombiko wonyaka olungiswe ngokwesiqephu 302.
U-MEC angacela eminye imibiko ukuba ifakwe kuleli cebo.
Ngaphandle kokwehlisa izibopho zayo ngokomthetho wokuphathwa kwezimali zomphakathi , i-GEP kumele.
a Igcine amarekhodi aphelele futhi anqala ezezimali, b Ilungise isitatimende sezimali salowo nalowo nyaka ngokuya kwezindlela ezivumelekile zokubhalansisa izimali, c Iyise lezo zitatimende zezezimali kumcwaningi wezimali jikelele ukuze azicwaninge, iziyise nakumphathisikhwama wePhrovinsi ngokomthetho wokuphathwa kwezimali zomphakathi, d Iyise kumphathisikhwama wePhrovinsi naku-MEC izitatimende zezimali ezihloliwe zalowo nyaka kanye kanye nazo zonke izinto ezenziwa yi-GEP ngalowo nyaka wezimali okukhulunywa ngawo kusiqephu 30 2. Lokhu kumele kwenzeke zingakapheli izinyanga ezinhlanu emva kokuphela konyaka wokusebenza kwezimali.
Umphathisikhwama wesifunda angathi isitatimende sezimali esihloliwe sifakwe esitatimendeni sezimali womnyango.
Kungakapheli izinsuku ezingashumi amathathu ikota yonyaka iphelile noma kuphele isikhathi esibalulwe gu-MEC ngeBhodi ngokuthi iphumelele kangakanani ukufeza icebo layo kuleyo kota.
Zingakapheli izinyanga ezintathu emva kokuphela konyaka wokusebenza kwezimali, i-GEP kumele yenze umbiko wonyaka ngezinto zonke ebezenzeka kulowo nyaka.
a Imininingwane yomsebenzi owenziwe yi-GEP nalokho akuzuzile ekugcineni izidingo zecebo zokulekelela amabhizinisi amancane esifunda, b Isamari yalokho okutholakele noma okuphakanyiswayo ngokuya komthetho okhona noma ohlongozwayo nezindlela zokuphatha ezincikisela amabhizinisi amancane, c Indlela okuklanywe ngayo intuthuko yamabhizinisi amancane kulePhrovinsi.
d Imibiko ngokukhula nokuwa kwamabhizinisi amancane ngoku bheka imigudu, ubukhulu nesifunda.
e Istathistikhisi esibonisa ukuthi amabhizinisi amancane afake kangakanani isandla emnothweni, ekuthuthukiseni izimpahla eziphumayo, ekuthuthukiseni abasemaphandleni nasezingeni lokufaka amaqembu amancane emnothweni.
U-MEC angafaka isaziso sokumelwe kulandelwe kwiGazethi yePhrovinsi efakela amalungu kaHulumeni wePhrovinsi nowasekhaya ukuze kugqugquzeleke ukuthuthuka kwamabhizinisi amancane.
a Izindlela zokubonisana nomnyango ngemithetho ehlongozwayo futhi ebalulwe ngu-MEC ngaphansi kwesiqeshana 3, b Ukubhekisisa ukuthi lo mthetho omisiwe ungawaphatha kanjani amabhizinisi amncane.
Ukuvumelana kwamalungu ombuso ukuze kugqugquzelwe ukuthi amabhizinisi amancane ahlale ethuthuka.
d Izindlela zokubonisana nezinhlangano zamabhizinisi amancane, izinyunyana zabasebenzi, nezinye nje izinhlangano ezikhona.
e Ukubhekisisa umthetho okhona omisiwe wokuthuthukisa nokugcina amabhizinisi amancane kulesi sifunda.
a izindlela ezisetshenziswayo ukuqasha amalungu eBhodi kanye nalezo zokusebenza kweBhodi jikelele.
Izimali ii Kubelula ukuba labo abalekelela amabhizinisi amancane bafinyelele ezimalini c Indlela yokungenisa izinhlangano kwi - GEP noma ezinye nje izindaba ezihambelana nalokhu.
d inqubo okumele uyilandele ukufaka isicelo sokuthola usizo lwezimali noma olunye nje usizo kanye nezinye nje izindaba ezihambelana nokufaka lesi sicelo e ezinye izindlela ezibalulekile ukuze kwenziwe lo mthetho usebenze kahle.
U - MEC ukuze azuze izinjongo zalo mthetho angafaka isaziso kwiGazethi yePhrovinsi ukuze ashicilele kwishedulu i-infleyisheni, ukushintshashintsha komnotho kanye nezinye izinto ezithinta amabhizinisi amancane.
U-MEC, emva kokubonisana neBhodi angafaka isaziso kwiGazethi yePhrovinsi sezinhlangano ezinezinjongo nemisebenzi efana neye GEP ukuba zingenisiwe nazo kwi- GEP kusukela ngosuku olubekwe kwisaziso.
Uma ngabe inhlangano okukhulunywa ngayo ku-subsection i uphethwe umkhandlu wesinye isigugu, u-MEC kumele abonisane naleso sigungu somkhandlu.
U-MEC kumele ashicilele izinjongo zakhe ngalezi zinhlangano okukhulunywe ngazo kwisiqeshana i seGazethi sePhrovisini noma asebenzise ezinye izindlela zokuxhumana bese elindela lokho okuzoshiwo umphakathi.
a Yonke into eyenziwe yinhlangano ithathwa njengokuthi yenziwe i-GEP.
b Ingcebo, okuyizikwelethu, amalungelo nezibopho zalezi zinhlangano kanye nokugunyaziwe nendlela izimali ezifakwe ngayo neziphuma ngayo, indlela okusetshenzwa ngayo ukuze izinjongo zale nhlangano zifezeke idluliselwa kwi-GEP.
Ngokwentela yemali engenayo, 58 of 1962, uma ngabe umuntu eqale ukusebenzela i-GEP kuyothathwa njengokuthi akakaze ashintshe umqashi.
a U-MEC noma isigungu somkhandlu senhlangano kumele sithathe zonke izinyathelo ezifanele ukuhlakaza leyo nhlangano.
b Ophethe inkampani, ophethe inkantolo enkulu kumele aqikelele ukuthi inhlangano iyesulwa.
b Ukuqamba amanga athi usebenzela i-GEP.
Noma ngubani oweqa isiqeshana i unecala futhi kumele agwetshwe imali noma aboshwe iminyaka engadluli kwemihlanu noma angaboshwa akhokhe nemali futhi.
Uma ngabe umuntu edalula izindaba ezihambelana nalo mthetho wenza icala.
a uma ngabe izindaba bekuvele sezisemphakathini b uma ngabe izindaba zidalulwe ukuze zisebenze ngaphansi kwalo mthetho.
c uma ngabe lezi zindaba zidalulwe ngokwalo mthetho noma ngomthetho wenkantolo.
Uma weqa u-sebsection i kusho ukuthi unecala, uma umuntu eweqile.
gwe okungaholela ekutheni umuntu axoshwe ngokuya kwendlela i-GEP eqondisa ngayo izigwegwe.
Ngenxa yalesi siqephu, ngaphansi kwalo mthetho, i-"Gauteng Enterprise Propeller", inkampani efakwe ngaphansi kwesiqephu 21 womthetho wezinkampani, 61 of 1973, enale namba yerejista 2004/031868/08 ithathwa njenge-GEP njengoba kuchaziwe kwisiqephu 2 walo mthetho.
Ibhodi ye-"Gauteng Enterprise Propeller" efakwe ngaphansi kwesiqephu 21 womthetho wezinkampani, 1973 ithathwa njengeBhodi njengokuchazwe kwisiqephu 7 walo mthetho futhi isebenza ngesikhathi esibekwe ngu-MEC ngaphambi kokuqala kokusebenza kwalo mthetho.
U-MEC kumele aqikelele ukuthi i-GEP ayibi inkampani efakwe ngaphansi kwesiqephu 21 womthetho wezinkampani, 61 ka 1973 futhi kumelwe ibhaliswe njengenkampani yomphakathi yesifunda njengoba kuchazwe kwisiqephu 3 1 walo mthetho.
